Ujobe 36:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. U-Elihu waqhubeka wathi:

2. “Ngihlalele kancane, ngiyakukubonisa,ngokuba ngisenamazwi okummela uNkulunkulu.

3. Ngiyakulanda kude ulwazi lwami,nginike uMenzi wami ukulunga.

4. Impela amazwi ami awasiwo amanga;unawe ophelele ekwazini.

5. “Bheka, uNkulunkulu unamandla,kepha kadeleli muntu;mkhulu emandleni okuqonda.

6. Akenzi ukuba omubi aphile,kepha abampofu uyabanika ukwahlulelwa.

7. Akabuyisi amehlo akhe kwabalungileyo,kepha ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi,baphakame kuze kube phakade.

Ujobe 36