Ujobe 35:9-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. “Abantu bakhala ngobuningi bezinkahlo;bakhala ngokusizwa ngenxa yengalo yabanamandla.

10. Kepha akakho othi: ‘Uphi uNkulunkulu, uMenzi wami,ozwakalisa amahubo ebusuku,

11. osifundisa phezu kwezilwane zomhlaba,asenze sihlakaniphe phezu kwezinyoni zezulu.’

12. Lapho bayakhala ngokuzidla kwababi,kepha akaphenduli.

13. Impela uNkulunkulu akezwa okuyize,uSomandla akayikukunakekela;

14. kakhulu kangakanani,lapho uthi awumboninokuthi, noma icala liphambi kwakhe,usamhlalela, na?

15. Kepha manje, ngokuba intukuthelo yakhe ingajezisi,anganaki kakhulu iziphambeko,

Ujobe 35