9. “Abantu bakhala ngobuningi bezinkahlo;bakhala ngokusizwa ngenxa yengalo yabanamandla.
10. Kepha akakho othi: ‘Uphi uNkulunkulu, uMenzi wami,ozwakalisa amahubo ebusuku,
11. osifundisa phezu kwezilwane zomhlaba,asenze sihlakaniphe phezu kwezinyoni zezulu.’
12. Lapho bayakhala ngokuzidla kwababi,kepha akaphenduli.
13. Impela uNkulunkulu akezwa okuyize,uSomandla akayikukunakekela;
14. kakhulu kangakanani,lapho uthi awumboninokuthi, noma icala liphambi kwakhe,usamhlalela, na?
15. Kepha manje, ngokuba intukuthelo yakhe ingajezisi,anganaki kakhulu iziphambeko,