9. Ngokuba uthi: ‘Akunalusizo kumuntuukuba azane noNkulunkulu.’
10. “Ngalokho ngizweni nina bantu abanokuqonda;makube kude noNkulunkulu ukuba enze okubi,nakuSomandla ukuba enze ukona.
11. Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe,atholise kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe.
12. Impela uNkulunkulu akenzi okubi;uSomandla kahlanekezeli ukwahlulela.
13. Ngubani owambeka phezu komhlaba na?Ngubani owamisa izwe lonke na?
14. Uma ebeyakuzibheka yena,azibuyisele umoya wakhe nomphefumulo wakhe,