31. “Ngokuba ukhona oke wathi kuNkulunkulu:‘Ngithweswe icala noma ngingonanga, na?
32. Lokhu engingakuboni,ngifundise khona;uma ngenzile okubi,angisayikukuphinda.’
33. Uyakuphindisela njengokuthandakwakho, lokhu ukwenqaba, na?Ngokuba nguwe ozakukhetha,akusimina;khuluma okwaziyo.
34. “Abantu abanokuqonda bayakusho kimi,yebo, nezihlakaniphi,lapho zingizwa, ziyakuthi:
35. ‘UJobe ukhuluma engenalwazi;amazwi akhe awanangqondo.’
36. Sengathi uJobe angavivinywa kuze kube sekupheleni,ngokuba uphendula njengabantu ababi.
37. Ngokuba uyenezela ukuhlubuka esonweni sakhe;ushaya ihlombe phakathi kwethu,andise amazwi akhe kuNkulunkulu.”