Ujobe 34:29-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. Lapho yena ethula,ngubani ongalahla,nalapho ethukusa ubuso bakhe,ngubani ongambona na?Ubusa ngokufananayo,noma kuyisizwe noma kungumuntu,

30. ukuba kungabusi muntu ongenaNkulunkulu,abantu bacushwe.

31. “Ngokuba ukhona oke wathi kuNkulunkulu:‘Ngithweswe icala noma ngingonanga, na?

32. Lokhu engingakuboni,ngifundise khona;uma ngenzile okubi,angisayikukuphinda.’

33. Uyakuphindisela njengokuthandakwakho, lokhu ukwenqaba, na?Ngokuba nguwe ozakukhetha,akusimina;khuluma okwaziyo.

34. “Abantu abanokuqonda bayakusho kimi,yebo, nezihlakaniphi,lapho zingizwa, ziyakuthi:

35. ‘UJobe ukhuluma engenalwazi;amazwi akhe awanangqondo.’

36. Sengathi uJobe angavivinywa kuze kube sekupheleni,ngokuba uphendula njengabantu ababi.

37. Ngokuba uyenezela ukuhlubuka esonweni sakhe;ushaya ihlombe phakathi kwethu,andise amazwi akhe kuNkulunkulu.”

Ujobe 34