2. “Yizwani amazwi ami,nina zihlakaniphi,nibeke indlebe kimi nina zazi.
3. Ngokuba indlebe iyavivinya amazwi,njengokuba ulwanga luzwa ukudla.
4. Masizikhethele okulungileyo,sazi phakathi kwethu okuhle.
5. Ngokuba uJobe uthe: ‘Ngilungile;uNkulunkulu ususile ukwahlulelwa kwami.
6. Phezu kokwahlulelwa kwami ngishaywa onamanga;inxeba lami alinakupholiswa,noma ngingenasiphambeko.’
7. Ngumuphi umuntu onjengoJobeophuza usulu njengamanzi,