Ujobe 34:19-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. ongakhethi ubuso bezikhulu,onganaki ocebileyo kunompofu, na?Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.

20. Bayafa ngokuphazima kweso;phakathi kwamabili abantu bayathuthumela,banyamalale;amaqhawe ayasuswa,kepha kungengasandla.

21. “Ngokuba amehlo akhe akuzo izindlela zomuntu;ubona zonke izinyathelo zakhe.

22. Abukho ubumnyama,nethunzi lokufa alikho,lapho abenza okubi bengacasha khona.

23. Ngokuba akadingi ukuba abelokhu ebheka umuntuukuba aye kuNkulunkulu ukwahlulelwa.

24. Uyaphahlaza abanamandla,kungahlolwanga,amise abanye ezikhundleni zabo.

25. Ngalokho uyazi imisebenzi yabo;uyabagumbuqela ebusuku,bachotshozwe.

26. Uyabashaya njengababiendaweni lapho bebonwa khona,

27. ngokuba bachezuka ekumlandeleni,abanakanga neyodwa yezindlela zakhe,

28. baze benza ukuba ukukhala kwabampofu kufike kuye,wezwa ukukhala kwabahluphekayo.

29. Lapho yena ethula,ngubani ongalahla,nalapho ethukusa ubuso bakhe,ngubani ongambona na?Ubusa ngokufananayo,noma kuyisizwe noma kungumuntu,

Ujobe 34