Ujobe 34:15-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. inyama yonke ibiyakufa kanyekanye,umuntu abuyele othulini.

16. “Uma unengqondo, yizwa lokhu,ulalele izwi lokukhuluma kwami.

17. Imbala ozonda ukwahlulela uyakubusa na?Uyakumlahla olungileyo nonamandla

18. oshoyo enkosini ukuthi:‘Muntu omubi,’nasezikhulwini: ‘Mashinga,’

19. ongakhethi ubuso bezikhulu,onganaki ocebileyo kunompofu, na?Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.

20. Bayafa ngokuphazima kweso;phakathi kwamabili abantu bayathuthumela,banyamalale;amaqhawe ayasuswa,kepha kungengasandla.

21. “Ngokuba amehlo akhe akuzo izindlela zomuntu;ubona zonke izinyathelo zakhe.

22. Abukho ubumnyama,nethunzi lokufa alikho,lapho abenza okubi bengacasha khona.

Ujobe 34