12. Impela uNkulunkulu akenzi okubi;uSomandla kahlanekezeli ukwahlulela.
13. Ngubani owambeka phezu komhlaba na?Ngubani owamisa izwe lonke na?
14. Uma ebeyakuzibheka yena,azibuyisele umoya wakhe nomphefumulo wakhe,
15. inyama yonke ibiyakufa kanyekanye,umuntu abuyele othulini.
16. “Uma unengqondo, yizwa lokhu,ulalele izwi lokukhuluma kwami.
17. Imbala ozonda ukwahlulela uyakubusa na?Uyakumlahla olungileyo nonamandla
18. oshoyo enkosini ukuthi:‘Muntu omubi,’nasezikhulwini: ‘Mashinga,’
19. ongakhethi ubuso bezikhulu,onganaki ocebileyo kunompofu, na?Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.
20. Bayafa ngokuphazima kweso;phakathi kwamabili abantu bayathuthumela,banyamalale;amaqhawe ayasuswa,kepha kungengasandla.
21. “Ngokuba amehlo akhe akuzo izindlela zomuntu;ubona zonke izinyathelo zakhe.
22. Abukho ubumnyama,nethunzi lokufa alikho,lapho abenza okubi bengacasha khona.
23. Ngokuba akadingi ukuba abelokhu ebheka umuntuukuba aye kuNkulunkulu ukwahlulelwa.
24. Uyaphahlaza abanamandla,kungahlolwanga,amise abanye ezikhundleni zabo.
25. Ngalokho uyazi imisebenzi yabo;uyabagumbuqela ebusuku,bachotshozwe.
26. Uyabashaya njengababiendaweni lapho bebonwa khona,
27. ngokuba bachezuka ekumlandeleni,abanakanga neyodwa yezindlela zakhe,