Ujobe 34:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. U-Elihu wathatha wathi:

2. “Yizwani amazwi ami,nina zihlakaniphi,nibeke indlebe kimi nina zazi.

3. Ngokuba indlebe iyavivinya amazwi,njengokuba ulwanga luzwa ukudla.

4. Masizikhethele okulungileyo,sazi phakathi kwethu okuhle.

5. Ngokuba uJobe uthe: ‘Ngilungile;uNkulunkulu ususile ukwahlulelwa kwami.

6. Phezu kokwahlulelwa kwami ngishaywa onamanga;inxeba lami alinakupholiswa,noma ngingenasiphambeko.’

7. Ngumuphi umuntu onjengoJobeophuza usulu njengamanzi,

8. ohamba ngokwazana nabenza okubi,ahambisane nabantu ababi, na?

9. Ngokuba uthi: ‘Akunalusizo kumuntuukuba azane noNkulunkulu.’

10. “Ngalokho ngizweni nina bantu abanokuqonda;makube kude noNkulunkulu ukuba enze okubi,nakuSomandla ukuba enze ukona.

11. Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe,atholise kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe.

Ujobe 34