2. Bheka-ke, sengivula umlomo wami;ulimi lwami lukhuluma emlonyeni wami.
3. Amazwi ami avela enhliziyweni yami eqotho;okwaziwa yizindebe zami ziyakukhuluma ngesiminya.
4. Umoya kaNkulunkulu ungenzile,nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila.
5. Uma ukwazi, ngiphendule;zihlele phambi kwami, ume.
6. Bheka, nginjengawe maqondana noNkulunkulu:ngibunjiwe nami ngebumba.
7. Bheka, ingebhe ngami ayiyikukugebhezisa,nesandla sami esiphezu kwakho asiyikukusinda.
8. “Impela wakhuluma ezindlebeni zami,ngezwa izwi lokukhuluma kwakho ukuthi:
9. Ngimsulwa, anginasiphambeko;ngimhlophe, akukho okubi kimi.
10. Bheka, uthola amathuba ngami,ungishaya isitha sakhe.