Ujobe 33:16-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. khona uyavula izindlebe zabantu,abeke uphawu ekufundisweni kwabo,

17. ukuze aphambukise umuntu ekwenzeni kwakhe,anqume ukuzidla kumuntu;

18. unqanda umphefumulo wakhe ekubhujisweni,nokuphila kwakhe ukuba kungachithwa ngomkhonto.

19. Uyajeziswa ngobuhlungu nasecansini lakhe,nangokulwa okungapheliyo emathanjeni akhe.

20. Inhliziyo iyanengwa ngukudla,nomphefumulo wakhe uzonda ukudla okade ukufisa.

21. Inyama yakhe iyadliwa,ingabe isabonwa;amathambo akhe akade engabonakali aseqhamukile.

22. Umphefumulo wakhe uyasondela egodini,nokuphila kwakhe kubabulali.

Ujobe 33