15. Ephusheni nasembonweni wasebusuku,lapho abantu behlelwe ngubuthongo obunzima,bozela emacansini,
16. khona uyavula izindlebe zabantu,abeke uphawu ekufundisweni kwabo,
17. ukuze aphambukise umuntu ekwenzeni kwakhe,anqume ukuzidla kumuntu;
18. unqanda umphefumulo wakhe ekubhujisweni,nokuphila kwakhe ukuba kungachithwa ngomkhonto.
19. Uyajeziswa ngobuhlungu nasecansini lakhe,nangokulwa okungapheliyo emathanjeni akhe.
20. Inhliziyo iyanengwa ngukudla,nomphefumulo wakhe uzonda ukudla okade ukufisa.
21. Inyama yakhe iyadliwa,ingabe isabonwa;amathambo akhe akade engabonakali aseqhamukile.
22. Umphefumulo wakhe uyasondela egodini,nokuphila kwakhe kubabulali.
23. “Uma kukhona ingelosi kuye,nehumusha noma yiliphi enkulungwanenilokuba litshele umuntu okumlungeleyo,
24. uNkulunkulu abeseba nomusa kuye, athi:‘Mkhulule ukuba angehleli egodini,sengitholile ihlawulo,’
25. inyama yakhe ibe ntsha kuneyomntwana,abuyele emihleni yobusha bakhe,
26. khona uyakunxusa uNkulunkulu ukuba abe nomusa kuye,abone ubuso bakhe ngokujabula,abesebuyisela kumuntu ukulunga kwakhe.
27. Usehlabelela phambi kwabantu, uthi:‘Ngonile, ngahlanekezela ukulunga,kepha akwenziwanga kimi njengokufaneleyo:
28. uhlengile umphefumulo wami ukuba ungadluleli egodini;ngiyakubona ukukhanya ngiphila.’
29. “Bhekani, konke lokhu uNkulunkulu uyakwenzakabili, yebo, kathathu kumuntu
30. ukuba abuyise umphefumulo wakhe egodini,akhanyiselwe ngokukhanya kwabaphilayo.
31. Yizwa, Jobe, ungilalele;thula, mina ngizakukhuluma.
32. Uma unamazwi, ngiphendule;khuluma, ngokuba ngifisa ukukuthethelela.