1. “Kepha manje, Jobe mawuzwe amazwi ami,
2. Bheka-ke, sengivula umlomo wami;ulimi lwami lukhuluma emlonyeni wami.
3. Amazwi ami avela enhliziyweni yami eqotho;okwaziwa yizindebe zami ziyakukhuluma ngesiminya.
4. Umoya kaNkulunkulu ungenzile,nokuphefumula kukaSomandla kunginika ukuphila.