Ujobe 31:26-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. uma ngibone ukukhanya ukuthi kuyakhazimula,nenyanga ukuthi ihamba ngencwazimulo,

27. kwayengwa inhliziyo yami esitha,nomlomo wanga isandla sami,

28. nalokho kwakungububi bokujeziswa,ngokuba ngangimphikile uNkulunkulu phezulu.

29. “Uma ngithokozile ngengozi yongizondayo,ngaxhuma lapho eficwa ngokubi

30. kepha angivumelanga ulimi lwami ukuba lonengokucela ukuphila kwakhe ngesifungo

31. uma abantu betende lami bengashongo ukuthi:‘Ngubani ongathola umuntu ongasuthanga ngenyama yakhe na?’ --

32. abafokazi kabalalanga phandle,ngavulela izihambi iminyango yami --

33. uma ngisibekele iziphambeko zami njengo-Adamungokufihla ububi bami esifubeni sami,

34. ngokuba ngesaba isixuku esikhulu,ngaba novalo lokudelelwa ngabomndeni,ngaze ngathula, angaphuma emnyango --

35. sengathi angaba khona ongizwayonantu uphawu lwami, makangiphendule uSomandla --ngibe nencwadi ayilobileyo omelana nami!

36. Ngangiyakuyithwala emahlombe ami,ngiyibophe ibe ngumqhele kimi,

37. ngimlandise ngomumo wezinyathelo zami,ngisondele kuye njengesikhulu.

Ujobe 31