25. uma ngithokozile, ngokuba imfuyo yami inkulunangokuba isandla sami sithole okuningi;
26. uma ngibone ukukhanya ukuthi kuyakhazimula,nenyanga ukuthi ihamba ngencwazimulo,
27. kwayengwa inhliziyo yami esitha,nomlomo wanga isandla sami,
28. nalokho kwakungububi bokujeziswa,ngokuba ngangimphikile uNkulunkulu phezulu.
29. “Uma ngithokozile ngengozi yongizondayo,ngaxhuma lapho eficwa ngokubi
30. kepha angivumelanga ulimi lwami ukuba lonengokucela ukuphila kwakhe ngesifungo
31. uma abantu betende lami bengashongo ukuthi:‘Ngubani ongathola umuntu ongasuthanga ngenyama yakhe na?’ --
32. abafokazi kabalalanga phandle,ngavulela izihambi iminyango yami --
33. uma ngisibekele iziphambeko zami njengo-Adamungokufihla ububi bami esifubeni sami,
34. ngokuba ngesaba isixuku esikhulu,ngaba novalo lokudelelwa ngabomndeni,ngaze ngathula, angaphuma emnyango --
35. sengathi angaba khona ongizwayonantu uphawu lwami, makangiphendule uSomandla --ngibe nencwadi ayilobileyo omelana nami!
36. Ngangiyakuyithwala emahlombe ami,ngiyibophe ibe ngumqhele kimi,
37. ngimlandise ngomumo wezinyathelo zami,ngisondele kuye njengesikhulu.
38. “Uma umhlaba wami ukhalile ngami,nemisele yawo ililile kanyekanye;
39. uma ngidlile izithelo zawo ngingenamali,ngenza ukuba bafe abaniniwo,
40. makuhlume ikhakhasi esikhundleni sikakolweni,kuvele ukhula endaweni yebhali.”*Amazwi kaJobe asephelile.