Ujobe 31:19-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. uma ngibone obhubhile ngokuswela isambatho,kungekho okokuzimboza kompofu;

20. uma ukhalo lwakhe lungangibusisanga,uma engafudunyezwanga nguboya bezimvu zami;

21. uma ngiphakamisele intandane isandla sami,ngokuba ngabona usizo lwami esangweni,

22. maliwe ihlombe lami esiphangeni,nengalo yami yaphulwe enkothweni yayo.

23. Ngokuba ngesaba ukubhujiswa nguNkulunkulu;ngenxa yokuphakama kwakhe bengingenakwenza lutho.

24. “Uma ngibeke igolide libe yithemba lami,ngathi egolideni elihle:‘Ngithemba wena;’

25. uma ngithokozile, ngokuba imfuyo yami inkulunangokuba isandla sami sithole okuningi;

26. uma ngibone ukukhanya ukuthi kuyakhazimula,nenyanga ukuthi ihamba ngencwazimulo,

27. kwayengwa inhliziyo yami esitha,nomlomo wanga isandla sami,

28. nalokho kwakungububi bokujeziswa,ngokuba ngangimphikile uNkulunkulu phezulu.

29. “Uma ngithokozile ngengozi yongizondayo,ngaxhuma lapho eficwa ngokubi

30. kepha angivumelanga ulimi lwami ukuba lonengokucela ukuphila kwakhe ngesifungo

31. uma abantu betende lami bengashongo ukuthi:‘Ngubani ongathola umuntu ongasuthanga ngenyama yakhe na?’ --

32. abafokazi kabalalanga phandle,ngavulela izihambi iminyango yami --

33. uma ngisibekele iziphambeko zami njengo-Adamungokufihla ububi bami esifubeni sami,

Ujobe 31