Ujobe 31:15-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Owangenza mina esiswini,wabenza nabo;owasibumba esizalweni munye.

16. “Uma nginqabele abampofu abakufisayo,ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,

17. ngadla ucezu lwami lwesinkwa ngingedwa,ingaludlanga nentandane

18. hhayi, ikhulele kimi kwasebusheni bami njengakuyise;kwasesizalweni sikamame ngangingumholi wabafelokazi

19. uma ngibone obhubhile ngokuswela isambatho,kungekho okokuzimboza kompofu;

20. uma ukhalo lwakhe lungangibusisanga,uma engafudunyezwanga nguboya bezimvu zami;

21. uma ngiphakamisele intandane isandla sami,ngokuba ngabona usizo lwami esangweni,

22. maliwe ihlombe lami esiphangeni,nengalo yami yaphulwe enkothweni yayo.

23. Ngokuba ngesaba ukubhujiswa nguNkulunkulu;ngenxa yokuphakama kwakhe bengingenakwenza lutho.

24. “Uma ngibeke igolide libe yithemba lami,ngathi egolideni elihle:‘Ngithemba wena;’

Ujobe 31