13. “Uma ngidelele ukwahlulelwa kwenceku yaminoma okwencekukazi yami,lapho bephikisana nami,
14. ngiyakwenze njani,lapho uNkulunkulu evuka,nalapho engiphenya,ngingaphendula ngokuthini na?
15. Owangenza mina esiswini,wabenza nabo;owasibumba esizalweni munye.
16. “Uma nginqabele abampofu abakufisayo,ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,
17. ngadla ucezu lwami lwesinkwa ngingedwa,ingaludlanga nentandane
18. hhayi, ikhulele kimi kwasebusheni bami njengakuyise;kwasesizalweni sikamame ngangingumholi wabafelokazi
19. uma ngibone obhubhile ngokuswela isambatho,kungekho okokuzimboza kompofu;
20. uma ukhalo lwakhe lungangibusisanga,uma engafudunyezwanga nguboya bezimvu zami;
21. uma ngiphakamisele intandane isandla sami,ngokuba ngabona usizo lwami esangweni,
22. maliwe ihlombe lami esiphangeni,nengalo yami yaphulwe enkothweni yayo.
23. Ngokuba ngesaba ukubhujiswa nguNkulunkulu;ngenxa yokuphakama kwakhe bengingenakwenza lutho.
24. “Uma ngibeke igolide libe yithemba lami,ngathi egolideni elihle:‘Ngithemba wena;’