1. “Ngenza isivumelwano namehlo ami:ngingabuka kanjani intombi na?
2. Ngokuba siyini isabelo ebesiyakuvelakuNkulunkulu phezulu,nefa likaSomandla ebeliyakuvela ekuphakameni, na?
3. Akusikho ukubhubha kwabangalungilenengozi kwabenza okubi na?
4. Yena akaboni izindlela zami,abale izinyathelo zami zonke, na?
5. “Uma ngihambile ngamanga,nonyawo lwami luphuthume enkohlisweni,
6. mangilinganiswe ngesilinganiso esilungileyo,ukuze uNkulunkulu azi ukuphelela kwami.
7. Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni,inhliziyo yami yalandela amehlo ami,uma kunamathela isisihla ezandleni zami,
8. mangihlwanyele, kudle omunye,yebo, zisishulwe izithelo zami.
9. “Uma inhliziyo yami iyengwe ngowesifazane,ngaqamekela ngasemnyango womakhelwane wami,
10. umkami makasilele omunye,kuguqe abanye phezu kwakhe.
11. Ngokuba lokho ngabe kuyicala,ngabe kungububi bokujeziswa.
12. Ngokuba kungumlilo odlayo kuze kube sekubhujisweni,kusishulwe yonke inzuzo yami.