5. Bayaxoshwa phakathi kwabantu;bamemeza emva kwabo njengasemva kwamasela.
6. Bahlala ezigodini ezesabekayo,nesemihumeni yomhlaba, naseziweni.
7. Bayakhonya phakathi kwezihlahla;phansi kwezimbabazane bayabuthana,
8. bengabantwana beziwula,abantwana babangenamagama,beshaywa, bexoshwa ezweni.
9. “Manje sengihaywa yibo,yebo, sengiyisaga sabo.
10. Bayanengwa yimi, bemi kude nami;abayeki ukungikhafulela ngamathe.
11. Bakhululile imichilo yabo,bangithobisa;balahlile itomu phambi kwami.
12. Ngakwesokunene kuvuka amachwensa;agudlumeza izinyawo zami,anginqwabelela izindlela zokubhubhisa.
13. Achitha umkhondo wami;asebenzela ukubhujiswa kwami engazibambi.