21. Uyaguquka ukuze ungiphathe ngonya;ngamandla esandla sakho uyangizingela.
22. Uyangiphakamisela emoyeni, ungikhwelisa kuwo,wenze ukuba ngincibilike ngokuhlokoma kwesivunguvungu.
23. Ngokuba ngiyazi ukuthi ungiyisa ekufeninasendlini yokubuthana kwabaphilayo bonke.
24. “Kepha umuntu angelule isandla sakhe encithakalweni,akhale uma esengozini, na?
25. Angimkhalelanga yini ozinsuku zakhe zazilukhuni na?Umphefumulo wami awuhawukelanga abampofu na?
26. Lapho ngabheka okuhle,kwafika okubi;ngalindela ukukhanya,kwafika ubumnyama.
27. Izibilini zami ziyaxhuxhuzela,aziphumuli;izinsuku zosizi zingehlele.
28. Ngihamba ngimnyama,kungenziwanga yilanga;ngisukuma ebandleni ngikhala.
29. Ngingumfowabo wamakhanka,nomngane wezintshe.
30. Isikhumba sami simnyama,siyebuza kimi;amathambo ami ashile ngokushisa.
31. Ihabhu* lami seliphenduke isililo,nomtshingo wami uyizwi labakhalayo.