16. “Manje umphefumulo wami uthululiwe phakathi kwami;izinsuku zosizi zingibambile.
17. Ebusuku amathambo ami ayabhotshozwa, asuke kimi;ubuhlungu obungigedlayo abuphumuli.
18. Ngamandla amakhulu umzimba wami wonakele;unamathela kimi njengentamo yesambatho sami.
19. Ungiphonsile odakeni;sengifana nothuli nomlotha.
20. “Ngikhala kuwe,kepha awungiphenduli;ngimi lapha, uyangibuka nje.
21. Uyaguquka ukuze ungiphathe ngonya;ngamandla esandla sakho uyangizingela.