Ujobe 30:14-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Angena kungathi ngesikhala esibanzi;phakathi kwencithakalo atheleka phezu kwami.

15. Ingebhe ithululwa phezu kwami;njengomoya luyaxoshwa udumo lwami;inhlalakahle yami iyadlula njengefu.

16. “Manje umphefumulo wami uthululiwe phakathi kwami;izinsuku zosizi zingibambile.

17. Ebusuku amathambo ami ayabhotshozwa, asuke kimi;ubuhlungu obungigedlayo abuphumuli.

18. Ngamandla amakhulu umzimba wami wonakele;unamathela kimi njengentamo yesambatho sami.

19. Ungiphonsile odakeni;sengifana nothuli nomlotha.

Ujobe 30