1. “Kepha manje abancanengeminyaka kunami bayangihleka,oyise babo engangibadelelaukuba ngingababeki naphakathi kwezinja zezimvu zami.
2. Yebo, namandla ezandla zabo angangisiza kanjani,abantu abaphelile iziphika, na?
3. Bondile ngokuswela nangendlala;baququda ugwadule oluyize, olwaluyilohle nakuqala.
4. Bayakha imifino kasawoti ezihlahleni;izimpande zezinwele zingukudla kwabo.
5. Bayaxoshwa phakathi kwabantu;bamemeza emva kwabo njengasemva kwamasela.
6. Bahlala ezigodini ezesabekayo,nesemihumeni yomhlaba, naseziweni.
7. Bayakhonya phakathi kwezihlahla;phansi kwezimbabazane bayabuthana,
8. bengabantwana beziwula,abantwana babangenamagama,beshaywa, bexoshwa ezweni.
9. “Manje sengihaywa yibo,yebo, sengiyisaga sabo.
10. Bayanengwa yimi, bemi kude nami;abayeki ukungikhafulela ngamathe.
11. Bakhululile imichilo yabo,bangithobisa;balahlile itomu phambi kwami.
12. Ngakwesokunene kuvuka amachwensa;agudlumeza izinyawo zami,anginqwabelela izindlela zokubhubhisa.