Ujobe 30:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Kepha manje abancanengeminyaka kunami bayangihleka,oyise babo engangibadelelaukuba ngingababeki naphakathi kwezinja zezimvu zami.

2. Yebo, namandla ezandla zabo angangisiza kanjani,abantu abaphelile iziphika, na?

3. Bondile ngokuswela nangendlala;baququda ugwadule oluyize, olwaluyilohle nakuqala.

4. Bayakha imifino kasawoti ezihlahleni;izimpande zezinwele zingukudla kwabo.

5. Bayaxoshwa phakathi kwabantu;bamemeza emva kwabo njengasemva kwamasela.

6. Bahlala ezigodini ezesabekayo,nesemihumeni yomhlaba, naseziweni.

7. Bayakhonya phakathi kwezihlahla;phansi kwezimbabazane bayabuthana,

8. bengabantwana beziwula,abantwana babangenamagama,beshaywa, bexoshwa ezweni.

9. “Manje sengihaywa yibo,yebo, sengiyisaga sabo.

10. Bayanengwa yimi, bemi kude nami;abayeki ukungikhafulela ngamathe.

11. Bakhululile imichilo yabo,bangithobisa;balahlile itomu phambi kwami.

12. Ngakwesokunene kuvuka amachwensa;agudlumeza izinyawo zami,anginqwabelela izindlela zokubhubhisa.

Ujobe 30