Ujobe 3:15-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. noma kanye nezikhulu ezinegolideezazigcwalisa izindlu zazo ngesiliva,

16. noma ngangingekho njengokuphuphumileyookuthukusiweyo,njengezingane ezingazange zibone ukukhanya.

17. Lapho amashinga ayekile ukudlova;lapho baphumule abaphelile amandla.

18. Lapho iziboshwa ziyatabhaya kanyekanye;azizwa izwi labazicindezelayo.

19. Lapho nabancane nabakhulu bayafanana;isigqila sikhululekile enkosini yaso.

20. “Odiniweyo unikelwani ukukhanya nabanomunyuemphefumulweni ukuphila;

21. abalinda ukufa kungafiki,abakumba kunengcebo;

22. abathokoza baze bethabe,bajabule, uma belithola ithuna,

23. nomuntu ondlela yakhe isithekile,uNkulunkulu ambiyeleyo nxazonke zakhe, na?

24. Ukugquma kwami kufika phambi kwesinkwa sami,nokububula kwami kuthululwa njengamanzi,

Ujobe 3