1. Emva kwalokho uJobe wavula umlomo wakhe, waqalekisa usuku lwakhe.
2. UJobe wathatha wathi:
3. “Makubhubhe usuku engazalwa ngalo,nobusuku obathi: ‘Ukhulelwe umntwana wesilisa.’
4. Lolo suku malube ngubumnyama;uNkulunkulu makangalunaki ephezulu,ukukhanya makungakhanyiswa kulo.
5. Ubumnyama nethunzi lokufa maluphiwe khona,kuhlale ifu phezu kwalo;okwenza mnyama usuku makulwesabise.
6. Ubusuku lobo isigayegaye masibubambe;mabungajabuli phakathi kwezinsuku zomnyaka,bungangeni phakathi komumo wezinyanga.
7. Bheka,lobo busuku mabungabi nalutho,kungangeni ukujabula kubo.
8. Mababuqalekise abathuka amalanga,abalungele ukuvusa uLeviyathani.
9. Izinkanyezi zokuhwelela kwabo maziphenduke ubumnyama;mabulinde ukukhanya kungabikho,bungaboni izinkophe zokusa,
10. ngokuba abuvalanga izivalo zesizalo sikamame,abufihlanga ukuhlupheka emehlweni ami.
11. “Angifanga ngani esizalweni na?Angibhubhanga ngani ekuphumeni kwami esiswini na?
12. Amadolo angamukeleleni,namabele ukuba ngincele, na?
13. Ngokuba kalokhu ngakube ngilele, ngithule;khona ngakube ngilele ubuthongo nginokuphumula
14. kanye namakhosi nabeluleki bomhlabaabazakhela izinqaba zamathuna,