1. Emva kwalokho uJobe wavula umlomo wakhe, waqalekisa usuku lwakhe.
2. UJobe wathatha wathi:
3. “Makubhubhe usuku engazalwa ngalo,nobusuku obathi: ‘Ukhulelwe umntwana wesilisa.’
4. Lolo suku malube ngubumnyama;uNkulunkulu makangalunaki ephezulu,ukukhanya makungakhanyiswa kulo.
5. Ubumnyama nethunzi lokufa maluphiwe khona,kuhlale ifu phezu kwalo;okwenza mnyama usuku makulwesabise.
6. Ubusuku lobo isigayegaye masibubambe;mabungajabuli phakathi kwezinsuku zomnyaka,bungangeni phakathi komumo wezinyanga.
7. Bheka,lobo busuku mabungabi nalutho,kungangeni ukujabula kubo.
8. Mababuqalekise abathuka amalanga,abalungele ukuvusa uLeviyathani.
9. Izinkanyezi zokuhwelela kwabo maziphenduke ubumnyama;mabulinde ukukhanya kungabikho,bungaboni izinkophe zokusa,
10. ngokuba abuvalanga izivalo zesizalo sikamame,abufihlanga ukuhlupheka emehlweni ami.