Ujobe 28:3-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Ubumnyama bubekelwa umkhawulo;kuyacingwa kuze kube sekupheleni konkeamatshe esigayegaye nethunzi lokufa.

4. Baqhekeza umgodi kude nalapho behlala khona abantu,lapho bekhohlakele khona lunyawo;bayalenga, bajikajika kude nabantu.

5. Umhlaba-ke, kuwona kuvela ukudla,kepha ngaphansi kwawo uyaphendukezelwa njengangomlilo.

6. Amatshe awo ayindawo yamasafire;*inothuli lwegolide.

7. Lowo mgudu awaziwa yinqe,neso loheshe aliwubonanga.

8. Izilwane ezinkulu azihambanga ngawo,nengonyama ayidlulanga ngawo.

9. Uyelulela isandla sakhe etsheni lensengetsha,agumbuqele izintaba kwasezimpandeni zazo.

10. Uqhekeza imihohoba emadwaleni;iso lakhe liyabona konke okuyigugu.

Ujobe 28