15. Akunakuzuzwa ngegolide;intengo yakho ayinakulinganiswa nesiliva.
16. Kungelingane negolide lase-Ofiri,neshohamu* eliyigugu, nesafire.*
17. Igolide nengilazi kungelingane nakho;akunakwenaniswa ngezinto zegolide elicwengekileyo.
18. Akunakukhulunywa ngekorali* nangekristalu;*intengo yakho iphezu kwamarubi.*
19. Itopazi* laseKushe alinakulinganiswa nakho,kungelingane negolide elicwengekileyo.
20. “Ukuhlakanipha kuvelaphi na?Indawo yokuqonda iphi na?
21. Kusithekile emehlweni abo bonke abaphilayo,kufihliwe ezinyonini zezulu.
22. Ukubhujiswa nokufa kuthi:‘Ngezindlebe zethu sizwile amahemuhemu akho.’
23. UNkulunkulu uyaqonda indlela yakho;yena uyazi indawo yakho.
24. Ngokuba uyabeka imikhawulo yomhlaba,abone konke okuphansi kwezulu.
25. Lapho emisela umoya ukusinda kwawo,elinganisa amanzi ngezilinganiso,
26. lapho enzela imvula isimiso,nonyazi lokuduma indlela,
27. khona wakubona, walanda ngakho,wakuhlela, wakuphenya.
28. Wathi kubantu: ‘Bhekani, ukwesabaiNkosi lokhu kungukuhlakanipha;ukusuka ebubini kungukuqonda.’ ”