Ujobe 28:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Impela ukhona umthapho wesiliva,nendawo yegolide abalicwengayo.

2. Insimbi iyakhishwa emhlabathini;amatshe ayancibilikiswa abe yithusi.

3. Ubumnyama bubekelwa umkhawulo;kuyacingwa kuze kube sekupheleni konkeamatshe esigayegaye nethunzi lokufa.

4. Baqhekeza umgodi kude nalapho behlala khona abantu,lapho bekhohlakele khona lunyawo;bayalenga, bajikajika kude nabantu.

5. Umhlaba-ke, kuwona kuvela ukudla,kepha ngaphansi kwawo uyaphendukezelwa njengangomlilo.

6. Amatshe awo ayindawo yamasafire;*inothuli lwegolide.

Ujobe 28