1. “Impela ukhona umthapho wesiliva,nendawo yegolide abalicwengayo.
2. Insimbi iyakhishwa emhlabathini;amatshe ayancibilikiswa abe yithusi.
3. Ubumnyama bubekelwa umkhawulo;kuyacingwa kuze kube sekupheleni konkeamatshe esigayegaye nethunzi lokufa.
4. Baqhekeza umgodi kude nalapho behlala khona abantu,lapho bekhohlakele khona lunyawo;bayalenga, bajikajika kude nabantu.
5. Umhlaba-ke, kuwona kuvela ukudla,kepha ngaphansi kwawo uyaphendukezelwa njengangomlilo.
6. Amatshe awo ayindawo yamasafire;*inothuli lwegolide.