Ujobe 27:7-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. “Isitha sami masibe njengomubi,nongisukelayo njengowonileyo.

8. Liyini ithemba longenaNkulunkulu,nxa enqunywa,lapho uNkulunkulu esusa umphefumulo wakhe, na?

9. UNkulunkulu uyakuzwa ukukhala kwakhe,lapho ehlelwa lusizi, na?

10. Uyakuthokoza ngoSomandla,ambize uNkulunkulu ngezikhathi zonke, na?

11. “Ngiyakunifundisa ngesandla sikaNkulunkulu;okukuSomandla angiyikukufihla.

12. Bhekani, nina nonke nikubonile;kungani ukuba nizenze ize na?

13. “Lokhu kuyisabelo somuntu omubi kuNkulunkulu,nefa lezidlwangudlwangu ezilamukela kuSomandla.

14. Uma abantwana bakhe banda, bandela inkemba;inzalo yakhe ayiyikusutha ngokudla.

15. Abasele kuye bayakumbelwa ekufeni,abafelokazi babo bangalili.

Ujobe 27