Ujobe 27:14-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Uma abantwana bakhe banda, bandela inkemba;inzalo yakhe ayiyikusutha ngokudla.

15. Abasele kuye bayakumbelwa ekufeni,abafelokazi babo bangalili.

16. Noma enqwabela isiliva njengothuli,alungise izambatho njengodaka,

17. makakulungise,kepha kuyakwembathwa ngolungileyo,ongenacala abele isiliva.

18. Uyakha indlu yakhe njengenundu,ibe njengedlangala elakhiwa ngumlindi.

19. Uyalala enothile,angakuphindi kodwa;uyavula amehlo akhe, abe engasekho.

20. Ingebhe iyamehlela njengamanzi;isivunguvungu siyamphephula ebusuku.

21. Umoya wasempumalanga uyamthatha, amuke;uyambhengula endaweni yakhe.

22. Uyacibishelwa engahawukelwa;uyabaleka nokubaleka esandleni sakhe.

23. Abantu bayakumshayela ihlombe,bamncimfele ukuba asuke endaweni yakhe.

Ujobe 27