Ujobe 27:13-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. “Lokhu kuyisabelo somuntu omubi kuNkulunkulu,nefa lezidlwangudlwangu ezilamukela kuSomandla.

14. Uma abantwana bakhe banda, bandela inkemba;inzalo yakhe ayiyikusutha ngokudla.

15. Abasele kuye bayakumbelwa ekufeni,abafelokazi babo bangalili.

16. Noma enqwabela isiliva njengothuli,alungise izambatho njengodaka,

17. makakulungise,kepha kuyakwembathwa ngolungileyo,ongenacala abele isiliva.

18. Uyakha indlu yakhe njengenundu,ibe njengedlangala elakhiwa ngumlindi.

Ujobe 27