Ujobe 27:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJobe wabuye waphakamisa izwi lakhe, wathi:

2. “Kuphila kukaNkulunkulu osusile ukwahlulelwa kwami,noSomandla owenze munyu umphefumulo wami,

3. kusekhona ukuphefumula kimi,nomoya kaNkulunkulu usemakhaleni ami,

4. izindebe zami aziyikukhuluma okubi,nolimi lwami aluyikukhipha inkohliso.

5. Makube kude nami ukuba nginivumele;angiyikuzaphuca ukuphelela kwami ngize ngife.

Ujobe 27