8. Ubopha amanzi emafwini akhe;ifu alidabuki phansi kwawo.
9. Uyasibekela ubuso besihlalo sakhe sobukhosi;uyeneka ifu lakhe phezu kwaso.
10. Uyingiliza ngomudwa phezu kobuso bamanzi,kuze kuphele ukukhanya ebumnyameni.
11. Izinsika zezulu ziyathuthumela;ziyethuswa ngokukhuza kwakhe.
12. Ngamandla akhe uyanyakazisa amanzi;ngokuqonda kwakhe uyachitha uRahabi.
13. Ngokuphefumula kwakhe izulu liyakhazimula;isandla sakhe sigwazile inyoka esheshayo.