Ujobe 25:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:

2. “Ukubusa nokwesabeka kukuyeowenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.

3. Ukhona yini ongabala izimpi zakhe,nokukhanya kwakhe akuphumeli bani na?

4. Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu,nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na?

5. Bheka, nenyanga ayinankazimulo,nezinkanyezi azihlambulukile emehlweni akhe.

Ujobe 25