Ujobe 25:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:

2. “Ukubusa nokwesabeka kukuyeowenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.

3. Ukhona yini ongabala izimpi zakhe,nokukhanya kwakhe akuphumeli bani na?

4. Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu,nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na?

Ujobe 25