Ujobe 24:18-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. “Banejubane ebusweni bamanzi;izabelo zabo ziqalekisiwe emhlabeni;abasayikuphendukela endleleni yezivini.

19. Ukoma nokushisa kuyaqeda amanzi eqhwa;kanjalo indawo yabafileyo labo abonileyo.

20. Isizalo siyamkhohlwa;izimpethu ziyamsobozela;akasayikukhunjulwa;ukungalungi kuyaphulwa njengomuthi.

21. Uyayidla inyumba engazaliyo;akenzeli umfelokazi okuhle.

22. Uyadonsa namaqhawe ngamandla akhe;uyavuka; akakho osenethemba lokuphila.

23. UNkulunkulu uyamnika ukuba alondeke, asekelwe;kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo.

24. Bayaphakanyiswa;emva kwesikhashana abasekho;bayaphela njengabanye, bafe;babuna njengezihloko zezikhwebu.

25. “Uma kungenjalo,ngubani ongangenza onamanga,awenze ize amazwi ami, na?”

Ujobe 24