Ujobe 24:18-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. “Banejubane ebusweni bamanzi;izabelo zabo ziqalekisiwe emhlabeni;abasayikuphendukela endleleni yezivini.

19. Ukoma nokushisa kuyaqeda amanzi eqhwa;kanjalo indawo yabafileyo labo abonileyo.

20. Isizalo siyamkhohlwa;izimpethu ziyamsobozela;akasayikukhunjulwa;ukungalungi kuyaphulwa njengomuthi.

21. Uyayidla inyumba engazaliyo;akenzeli umfelokazi okuhle.

22. Uyadonsa namaqhawe ngamandla akhe;uyavuka; akakho osenethemba lokuphila.

23. UNkulunkulu uyamnika ukuba alondeke, asekelwe;kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo.

Ujobe 24