Ujobe 23:7-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Lapho olungileyo ubeyakuphikisana naye,mina ngikhululwe kumahluleli wami kuze kube phakade.

8. Kodwa bheka, ngiya empumalanga,kepha akakho,nasentshonalanga, kepha angimboni,

9. nangasenyakatho ekusebenzeni kwakhe, kepha akabonwa;ujikela ngaseningizimu,kepha akabonakali.

10. Ngokuba uyayazi indlela yami;esengivivinyile,ngiyakuphuma njengegolide.

11. Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe;ngigcinile indlela yakhe,angiphambukanga.

Ujobe 23