Ujobe 23:6-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Ubeyakuphikisana nami ngamandla akhe amakhulu na?Cha, ubeyakubhekisa kimi.

7. Lapho olungileyo ubeyakuphikisana naye,mina ngikhululwe kumahluleli wami kuze kube phakade.

8. Kodwa bheka, ngiya empumalanga,kepha akakho,nasentshonalanga, kepha angimboni,

9. nangasenyakatho ekusebenzeni kwakhe, kepha akabonwa;ujikela ngaseningizimu,kepha akabonakali.

10. Ngokuba uyayazi indlela yami;esengivivinyile,ngiyakuphuma njengegolide.

11. Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe;ngigcinile indlela yakhe,angiphambukanga.

12. Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe;ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.

13. “Kodwa uyinto inye,ngubani ongambuyisa na?Okufisayo umphefumulo wakhe,lokho uyakwenza.

14. Uyakufeza engikumiselweyo;izinto eziningi ezinjalo zikuye.

15. Ngalokho ngishaywa luvalo ebusweni bakhe;lapho ngikuqaphela, ngiyamesaba.

Ujobe 23