12. Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe;ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.
13. “Kodwa uyinto inye,ngubani ongambuyisa na?Okufisayo umphefumulo wakhe,lokho uyakwenza.
14. Uyakufeza engikumiselweyo;izinto eziningi ezinjalo zikuye.
15. Ngalokho ngishaywa luvalo ebusweni bakhe;lapho ngikuqaphela, ngiyamesaba.
16. NguNkulunkulu odangalisileyo inhliziyo yami,uSomandla ungethusile,
17. ngokuba anginqunywanga,bungakafiki ubumnyama;wangifihlela ukuhlwa.