1. Wayesephendula uJobe, wathi:
2. “Nanamuhla ukukhala kwami kumunyu;isandla sami siyasinda ngokububula kwami.
3. Sengathi ngingazi ukuthi ngiyakumtholaphi,ngize ngifike endlini yakhe,
4. ngilungise ukwahlulelwa kwami phambi kwakhe,ngigcwalise umlomo wami ngezimpendulo.
5. Bengiyakuwazi amazwi abeyakungiphendula ngawo,ngiqonde ukuthi ubeyakuthini kimi.