Ujobe 22:8-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Umuntu onamandla, izwe lingelakhe;onodumo uyahlala kulo.

9. Umukisile abafelokazi bengenalutho;izingalo zezintandane zaphuliwe.

10. Ngalokho izingibe ziyakuhaqa;uvalo oluzumayo luyakwethusa.

11. Ukukhanya kwakho kuphenduke ubumnyama,ukuze ungaboni,nesikhukhula samanzi siyakusibekela.

12. “UNkulunkulu akakho ekuphakameni kwezulu na?Bheka inhloko yezinkanyezi ukuthi iphakeme kangaka.

13. Uthi wena: ‘UNkulunkulu wazini na?Angahlulela engale kwesigayegaye na?

14. Amafu ayamsibekela ukuze angaboni;uyahamba esiyingelezini sezulu.’

15. Uyakugcina indlela yamandulo eyahanjwa yizoni na?

16. Yizo ezahlwitha kungakabi yisikhathi,ezisisekelo sazo sathululwa njengomfula,

17. nezathi kuNkulunkulu: ‘Suka kithina,ngokuba uSomandla ubeyakwenzani kubo na?’

18. Kepha nguye owayegcwalisa izindlu zabo ngokuhle.Amasu ababi akude nami.

19. “Abalungileyo bayakukubona, bathokoze;abangenasici bayabaklododela ngokuthi:

20. ‘Impela ababesivukela sebechithiwe,nabakushiyileyo umlilo ukuqedile.’

21. “Mawujwayelane naye, ube nokuthula;ngalokho okuhle kuyakufika kuwe.

22. Mawamukele umthetho emlonyeni wakhe,ubeke amazwi akhe enhliziyweni yakho.

Ujobe 22