1. Wayesethatha u-Elifazi umThemani, wathi:
2. “Umuntu angaba yinsizakalo kuNkulunkuluukuba ohlakaniphileyo abe nosizo kuye na?
3. Kuyintokozo yini kuSomandla,uma ulungile,kuyinzuzo kuye, uma wenza izindlela zakho ziphelele, na?
4. “Kungokumesaba kwakho akusolayo,angene nawe ekwahlulelweni, na?
5. Ububi bakho abubukhulu yini?Izono zakho azinakuphela.
6. Ngokuba uthathe ngeze izibambiso kumfowenu,wahlubula abampofu izingubo zabo.
7. Awumphuzisanga owomileyo amanzi,wamgodlela olambileyo ukudla.
8. Umuntu onamandla, izwe lingelakhe;onodumo uyahlala kulo.
9. Umukisile abafelokazi bengenalutho;izingalo zezintandane zaphuliwe.
10. Ngalokho izingibe ziyakuhaqa;uvalo oluzumayo luyakwethusa.
11. Ukukhanya kwakho kuphenduke ubumnyama,ukuze ungaboni,nesikhukhula samanzi siyakusibekela.
12. “UNkulunkulu akakho ekuphakameni kwezulu na?Bheka inhloko yezinkanyezi ukuthi iphakeme kangaka.
13. Uthi wena: ‘UNkulunkulu wazini na?Angahlulela engale kwesigayegaye na?
14. Amafu ayamsibekela ukuze angaboni;uyahamba esiyingelezini sezulu.’
15. Uyakugcina indlela yamandulo eyahanjwa yizoni na?