Ujobe 21:7-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ababi baphilelani,baze babe badala,yebo, bakhule emandleni, na?

8. Inzalo yabo iyema phambi kwabo kanye nabo,nabantwana babo phambi kwamehlo abo.

9. Izindlu zabo zinokuthula, azinangebhe;uswazi lukaNkulunkulu aluphezu kwabo.

10. Inkunzi yabo iyakhwela, kayiphuthi;inkomo yabo iyazala, kayiphunzi.

11. Bakhipha izingane zabo njengomhlambi;abantwana babo bayagida.

12. Bahlabelela ngesigubhu nangehabhu,*bathokoza ngezwi lomtshingo.

13. Baqeda imihla yabo ngokuhle,behlela endaweni yabafileyo ngokuthula.

14. Nokho bathi kuNkulunkulu:‘Suka kithi,asifuni ukwazi izindlela zakho.

15. USomandla uyini ukuba simkhonze na?Siyakuzuzani, uma sikhuleka kuye, na?’

16. Bhekani, inhlanhla yabo ayisesandleni sabo;icebo lababi malibe kude nami.

17. “Kukangaki isibani sababi sicimeka,nengozi ibehlela,babelwe izabelo ngentukuthelo, na?

18. Babeyakuba njengezibi phambi komoya,nanjengamakhoba aphephethwa yisiphepho.

19. UNkulunkulu ubekela abantwana babo ububi babo;yebo, kodwa makabuphindisele kubo uqobo ukuba babazi.

Ujobe 21