7. Ababi baphilelani,baze babe badala,yebo, bakhule emandleni, na?
8. Inzalo yabo iyema phambi kwabo kanye nabo,nabantwana babo phambi kwamehlo abo.
9. Izindlu zabo zinokuthula, azinangebhe;uswazi lukaNkulunkulu aluphezu kwabo.
10. Inkunzi yabo iyakhwela, kayiphuthi;inkomo yabo iyazala, kayiphunzi.
11. Bakhipha izingane zabo njengomhlambi;abantwana babo bayagida.
12. Bahlabelela ngesigubhu nangehabhu,*bathokoza ngezwi lomtshingo.
13. Baqeda imihla yabo ngokuhle,behlela endaweni yabafileyo ngokuthula.
14. Nokho bathi kuNkulunkulu:‘Suka kithi,asifuni ukwazi izindlela zakho.
15. USomandla uyini ukuba simkhonze na?Siyakuzuzani, uma sikhuleka kuye, na?’
16. Bhekani, inhlanhla yabo ayisesandleni sabo;icebo lababi malibe kude nami.
17. “Kukangaki isibani sababi sicimeka,nengozi ibehlela,babelwe izabelo ngentukuthelo, na?
18. Babeyakuba njengezibi phambi komoya,nanjengamakhoba aphephethwa yisiphepho.
19. UNkulunkulu ubekela abantwana babo ububi babo;yebo, kodwa makabuphindisele kubo uqobo ukuba babazi.