5. Ngibukeni, nimangale,nibeke izandla emilonyeni yenu.
6. Lapho ngikhumbula nje,ngishaywa luvalo;ukwesaba kubamba inyama yami.
7. Ababi baphilelani,baze babe badala,yebo, bakhule emandleni, na?
8. Inzalo yabo iyema phambi kwabo kanye nabo,nabantwana babo phambi kwamehlo abo.
9. Izindlu zabo zinokuthula, azinangebhe;uswazi lukaNkulunkulu aluphezu kwabo.
10. Inkunzi yabo iyakhwela, kayiphuthi;inkomo yabo iyazala, kayiphunzi.
11. Bakhipha izingane zabo njengomhlambi;abantwana babo bayagida.
12. Bahlabelela ngesigubhu nangehabhu,*bathokoza ngezwi lomtshingo.
13. Baqeda imihla yabo ngokuhle,behlela endaweni yabafileyo ngokuthula.
14. Nokho bathi kuNkulunkulu:‘Suka kithi,asifuni ukwazi izindlela zakho.
15. USomandla uyini ukuba simkhonze na?Siyakuzuzani, uma sikhuleka kuye, na?’
16. Bhekani, inhlanhla yabo ayisesandleni sabo;icebo lababi malibe kude nami.
17. “Kukangaki isibani sababi sicimeka,nengozi ibehlela,babelwe izabelo ngentukuthelo, na?
18. Babeyakuba njengezibi phambi komoya,nanjengamakhoba aphephethwa yisiphepho.
19. UNkulunkulu ubekela abantwana babo ububi babo;yebo, kodwa makabuphindisele kubo uqobo ukuba babazi.
20. Awabo amehlo mawabone ukuchithwa kwabo,bona baphuze ukufutheka kukaSomandla.
21. Banokujabula kuni endlini yabo emva kwabo,lapho umumo wezinyanga zabo usunqunyiwe, na?
22. UNkulunkulu uyakufundiswa ukwazi,yena owahlulela abaphakemeyo, na?
23. “Omunye ufa esemi kahle kukho konke,ezinzile, enokuthula.
24. Izinhlangothi zakhe zigcwele amafutha;umnkantsha wamathambo akhe umanzi.