Ujobe 21:27-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Bhekani, ngiyazi imicabango yenu,namacebo enu eniyakungona ngawo.

28. Nithi: ‘Iphi indlu yezikhulu,liphi itende lokuhlala kwababi, na?’

29. Anibuzanga abadlula endleleni,nibazi ubufakazi babo

30. bokuthi omubi ugodlelwa usuku lokubhujiswanokuthi bayamukiswa ngosuku lwentukuthelo, na?

31. Ngubani oyakumtshela indlela yakhe ebusweni bakhe?Ngubani oyakumphindisela ngalokho akwenzileyo na?

32. Uyayiswa ethuneni, kulindwe elibeni.

33. Amagabade asesigodini ayakuba mnandi kuye;bonke abantu bayakudonswa emva kwakhe,njengokuba bengenakubalwa nababe phambi kwakhe.

34. “Pho, ningiduduzelani ngeze,lokhu ezimpendulweni zenu kusele inkohliso nje, na?”

Ujobe 21