Ujobe 21:22-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. UNkulunkulu uyakufundiswa ukwazi,yena owahlulela abaphakemeyo, na?

23. “Omunye ufa esemi kahle kukho konke,ezinzile, enokuthula.

24. Izinhlangothi zakhe zigcwele amafutha;umnkantsha wamathambo akhe umanzi.

25. Omunye ufa enomphefumulo onomunyu,engazange adle okuhle.

26. Balala phansi othulini kanyekanye;izimpethu ziyabasibekela.

27. Bhekani, ngiyazi imicabango yenu,namacebo enu eniyakungona ngawo.

28. Nithi: ‘Iphi indlu yezikhulu,liphi itende lokuhlala kwababi, na?’

29. Anibuzanga abadlula endleleni,nibazi ubufakazi babo

30. bokuthi omubi ugodlelwa usuku lokubhujiswanokuthi bayamukiswa ngosuku lwentukuthelo, na?

Ujobe 21