22. UNkulunkulu uyakufundiswa ukwazi,yena owahlulela abaphakemeyo, na?
23. “Omunye ufa esemi kahle kukho konke,ezinzile, enokuthula.
24. Izinhlangothi zakhe zigcwele amafutha;umnkantsha wamathambo akhe umanzi.
25. Omunye ufa enomphefumulo onomunyu,engazange adle okuhle.
26. Balala phansi othulini kanyekanye;izimpethu ziyabasibekela.
27. Bhekani, ngiyazi imicabango yenu,namacebo enu eniyakungona ngawo.
28. Nithi: ‘Iphi indlu yezikhulu,liphi itende lokuhlala kwababi, na?’
29. Anibuzanga abadlula endleleni,nibazi ubufakazi babo
30. bokuthi omubi ugodlelwa usuku lokubhujiswanokuthi bayamukiswa ngosuku lwentukuthelo, na?